Ukuphikwa yimphumela kule sizini sekuholele ekutheni bambuke ngelinye iso u-Ernst Middendorp abanye abalandeli beKaizer Chiefs. UMiddendorp wakhonjwa indlela kuleli qembu kade eqede kunombolo 2 kwiligi ngesizini ka-2019/2020, ephucwa iqatha emlonyeni ngosuku lokugcina ngesikhathi ezakhe zibanjwa yiBaroka.

Kule sizini iChiefs isanqobe imidlalo emibili kuphela emdlalweni eyisikhombisa. Ihleli kunobolo 14, okuyindawo engabagculisi neze abalalndeli beqembu. Abalandeli abaningi bazwakalise ukungenami kwabo ezinkundleni zokuxhumana, abanye bavuma ukuthi bawuthatha kancane umsebenzi owenziwa uMiddendorp ngoba wayengadlalisi ibhola elihle kodwa wayekwazi ukubuya namaphuzu amathathu.