Owayengumqeqeshi waMaZulu FC, uBrandon Truter, uthi kunabadlali boSuthu angeke aphinde asebenze nabo ngenxa yendlela abamjikela ngayo.

UTruter, osepheka iSekhukhune United, uveze lokhu engxoxweni ne-iDiski Times, lapho aveze akhona ukuthi naye ukubonile okwehlela uBenni McCarthy kuSuthu.

“Ngokubona kwami, ngaphambi kokuthi ashiye kuMaZulu uBenni naye wabhekana nezinkinga nabadlali abathile. Lokhu ngangikusola uma ngilandela izinto ayezisho kuma-interview.

“Kodwa yinto engangiyibona ngingaphandle leyo. Ngesikhathi ngiya kuMaZulu, saqala kahle emdlalweni ewu-8. Sanqoba izikhawu eziyisithupha, sadliwa kanye, kwakuhamba kahle. Kodwa njengoba kwenzeka kuBenni, wafika waqala kahle bengayazi induku emdlalweni ewu-12, baqeda kunombolo 2 kwiligi.

“Kuthe sekuqala isizini yesibili wabhekana nezimo engibhekane nazo nami kwisizini yesibili. Ngiyabona manje ukuthi kwenzekani. Engizokusho nje ukuthi kunabadlali baMaZulu engingeke ngiphinde ngisebenze nabo. Ngizozama ukubagwema.”

UTruter uqhube wathi bekubuye kungabi mnandi ukuba wumqeqeshi waMaZulu ngenxa yezimo abesebenza ngaphansi kwazo.