Usegcine ekhethe ukuwushiya umsebenzi wokuqeqesha AmaZulu uBrandon Truter kulandela ukuhluleka ukuthola imiphumela egculisayo kwiDStv Premiership.
I-agent kaTruter uBasia Michaels, isikuqinisekisile ukuthi uTruter ukhethe ukuzisulela ngemuva komhlangano omude nabaphathi beqembu ngoLwesine.
“Sibe nomhlangano nabaphathi, umqeqeshi wakhe ukwesula. Usula ngoba kunozimo zangasese abhekene nazo eziwuthikamezayo umsebenzi wakhe,” kusho uMichaels ekhuluma neSABC Sport.
UTruter usula nje ngempelasonto edlule uthembise ukushaya iKaizer Chiefs emlenzeni wesibili weMTN8 uma ozodlalelwa eMoses Mabhida. Inkulumo yakhe ilandelwe yisibhaxu USuthu lushaywa yiRichards Bay FC ngoLwesithathu ntambama. Ngemuva komdlalo lo mqeqeshi uphumele obala ngokuzizwa engaphansi kwengcindezi.