Umqeqeshi weSekhukhune United u-Eric Tinkler uthi bekufanele baye ekhefini behamba phambili okungenani ngamagoli amathathu emdlalweni wabo neLamontville Golden Arrows ebakhiphe kwiCarling Knockout izolo.
ISekhukhune igcine ixetshulwe ngo 3-1, kade ihamba phambili ngo 1-0 ngegoli likaBradley Grobler kuyiwa ekhefini.
“Sidlale kahle esiwombeni sokuqala, sidlale kahle kakhulu. Besiwuphethe umdlalo, sakha inqwaba yamathuba. Amaqhinga ethu okubacindeza abehamba kahle,” kusho uTinkler ngemuva komdlalo.
“Ngesikhathi siya ekhefini benginomuzwa wokuthi kufanele ngabe sihamba phambili okungenani ngamagoli amathathu, hhayi elilodwa.
“Ukube sikwenzile lokho ngabe siqedile ngomdlalo. Ngibaxwayisile abadlali ukuthi esiwombeni sesibili kufanele siqinise emizuzwini ewu-15 yokuqala ngoba bazohlasela ngamandla. Besidinga ukuhleleka emuva. Igoli labo lokulinganisa umdlalo kube yiphutha lethu.
“Siyekile ukubacindeza ngemuva kwegoli labo, savele sehla sayoma emuva. Besesingahlelekile ngendlela ebesihleleke ngayo. Negoli lesithathu kube yiphutha lethu. Kodwa ke abadlali bethu bazofunda.”
Bekuwumdlalo wesithathu kulandelana iSekhukhune United ihluleka ukunqoba. Ngemuva kokukhishwa kwiCarling Knockout iBabina Noko izobhekana neMamelodi Sundowns.