Umqeqeshi weCape Town City, u-Eric Tinkler uthi noma eshayeka ephakethini amaqembu aseNingizimu Africa kwimqhudelwano yeCAF, uyafisa ukufinyelela kuyo ngelinye ilanga.
UTinkler kusale kancane ezakhe zifinyelele kwiCAF Confederations Cup ziqeda kunombolo 4 kwilog yeDStv Premiership ngesizini edlule, basale ngamaphuzu amahlanu kuphela kwiSuperSport United.
Okubhimbise izinhlelo zeCitizens ngesizini edlule ukungaqali kahle zisuka, kwayithatha isikhathi ukunqoba imidlalo. Kulokhu isinqobe kabili zisuka. UTinkler uthi isifiso sakhe ukubeka iqembu endaweni yomqhudelwano weCAF.
“Angikwazi ukuziqhathanisa nabaqeqeshi bePSL kuphela, ngifuna ukuqhathaniswa nabaqeqeshi abakwiCAF. Kumele ungene kuleyo mqhudelwano ukuze igama lakho laziwe njengoPitso,” kusho uTinkler ecashunwa yiSowetan.
Lo mqeqeshi nokho uthi kusanzima ukudlala kule mqhudelwano ngoba kudlela amaqembu ephakatheni.
“Akukashintshi namanje lokho…ziningi izinkinga esibhekana nazo kwiCAF njengamaqembu. Buka imali esiyichithayo uyiqhathanise nemali esiyenzayo…”
UTinkler uthi njengabaqeqeshi namaqembu agijima kwiDStv Premiership bayazi kufanele bakhuphule izinga ukuze bezokwazi ukuqhudelana neMamelodi Sundowns.
“Nathi sifuna ukuphumelela njengeqembu,” kusho yena.