Umqeqeshi weCape Town City u-Erik Tinkler usephinde wakhala ngokubhacaza konompempe bakuleli kulandela ukukhishwa kwezakhe kwiNedbank Cup.

ICity ishaywe yiRoyal AM ngo 4-3 kuma-penalty ngeSonto, okuphoxe abalandeli abaningi baleli qembu eKapa.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uTinkler usole unompempe ngokuba nesandla ekukhishweni kwabo ngezinqumo azithathile kuqhubeka umdlalo.

“Kumele uyiqonde indlela esidliwe ngayo namhlanje, ngoba ngokubona kwami lilodwa iqembu obekufanele linqobe. Kwesinye isikhathi siyazifihla lezi zinto kodwa iqiniso ukuthi imina ngedwa ozobhekana nokuthi asinqobanga namhlanje,” kusho uTinkler.

“Onompempe benza amaphutha, kodwa abenziwa lutho. Imina okumele abhekane nokuzolandela. Kumele ngibhekane nosihlalo weqembu ngoba sidliwe kungafanele sidliwe. Kumele ngibhekane nokuphoxeka kwabadlali. Abantu abaziboni lezo zinto, bagcina ngokuthi nje ‘oh, badliwe’, kodwa sidliwe kanjani? Sidliswe yini? Kumele siqale sikubuze lokho.”

Inkulumo kaTinkler ikubeka ngokusobala ukuthi isiqala ukushisa insimbi kwiCape Town City njengoba kugqoza imiphumela. Ngaphandle kokukhishwa kwiNedbank Cup, iCity idliwe kwimidlalo yayo emibili edlule. Kule sizini isanqobe imidlalo eyisithupha kwengu-19.