Intatheli Yezemidlalo 

Umqeqeshi u-Eric Tinkler uthi engaligxumela ithuba lokuqeqesha iBafana Bafana kodwa akanalo ithemba lokuthola ucingo oluvela kwiSAFA. 
ISAFA ixoshe uMolefi Ntseki ngoLwesithathu, okuyisinqumo esilandele ngemuva komphumela wangeSonto lapho iBafana ishaywe khona iSudan eKhartoum, yahluleka ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations. 

“Angisoze ngayeka ithuba lokuqeqesha iqembu lesizwe. Lelo yithuba elikhulu kodwa angithembi ukuthi iSAFA izokhuluma nami,” kubeka uTinkler ekhuluma nabeTimesLive. 

Abalandeli bebhola kuleli balokhu belivezile igama likaTinkler kubaqeqeshi abafisa ukubabona bebhola isikwati. Lomqeqeshi uthe ukuhluleka kweBafana eSudan kubeke engcupheni iVision 2022 yeSAFA. 

“Bekuphoxa kakhulu ukuthi sihlulwe ukufinyelela kwi-AFCON, umbuzo uthi, kuzokwenzekalani kwiVision 2022? Omunye umbuzo ukuthi kwenzekaleni kuleminyaka elishumi edlule? Saxoxa ngo-2011 sikhuluma ngendaba yokuthuthukisa abadlali abasebancane kanye nokuhleleka kwezikwati ezincane. Namuhla akukho osekwenzekile. 

Iqembu lesizwe libuyela emuva ekubeni iBanyana Banyana iyakhuphuka yona. Okuxakayo ukuthi lamaqembu awesekwa ngendlela efanayo,” kuchaza uTinkler. 

UTinkler ubona kuyiphutha ukuthi iSAFA igxeke abaqeqeshi njalo uma kubheda izinto kwiBafana. Uthi nabadlali kumele bagxekwe.

“Kumele iqembu lesizwe lidlale emqhudelwaneni emikhulu, okunye okubalulekile ukuthi asiyeke ukugxeka abaqeqeshi. Baningi abaqeqeshi asebehole iBafana, baningi kakhulu. Ngiyaxolisa kodwa kuyiphutha ukugxeka abaqeqeshi. Kumele sibheke iSAFA, nabadlali banephutha. 

Ukugxeka abaqeqeshi kumele sikuyeke ngoba umqeqeshi kuningi abhekana nakho. Abadlali okumele badlale enkundleni, yibo abagijimayo, akusiye umqeqeshi oshaya amagoli. Kulula ukugxeka abaqeqeshi ngoba yibona abaphethe,” kuchaza uTinkler.