Umqeqeshi weRichards Bay uKaitano Tembo uphume nesiphakamiso sokuthi aluyekwe uhlelo lokunikeza abalandeli ithuba lokuvotela umdlali ovelele ngoba banokushaya eceleni.

UTembo ubekhuluma ngemuva kokudlulela kuma-quarterfinals eCarling Knockout ngesikhathi beshaya iMoroka Swallows ngo 2-1 eKing Zwelithini Stadium. 

U-Andile Jali weSwallows uyena ovotelwe kakhulu, wahlabana nesamba sika-R100,000. UTembo uthi lesamba bekufanele sinikezwe uYanela Mbuthuma oshaye igoli elinqobise iBay. 

UTembo ungumqeqeshi wesibili osekhalaze ngokuvotelwa kakhulu ngomdlali ongafanele. UPablo Martin waMaZulu naye ukhale ngokufanayo ezakhe zishaya iKaizer Chiefs ngo 1-0 ngoMgqibelo. UKeagan Dolly ukhale wemuka no-R100,000 yize ezakhe zihluliwe. 

“UYanela bekufanele aqokwe njngomdlali ovelele. Uhlelo luyaphazamiseka kufanele kushintshwe ukwenza. UYanela ubesuka ebhentshini kodwa wakwazi ukushintsha isimo somdlalo, angiqondi ukuthi imgeje kanjani lemali. 

“Ngisho unozinti uPhilasande Manqele ubeqala ukudlala esuka kwiDiski Challenge. Ushaye into ecokeme emdlalweni,” kusho uTembo ecashunwa abeSuperSport TV. 

Amagoli eRich Boys ashaywe u-Abel Mabaso noMbuthuma ngokwehlukana kweziwombe. UGabadihno Mhango ushaye eleSwallows. 

IBay iqhathwe ne-Orlando Pirates kwi-quarterfinal yeCarling Knockout. Usuku nenkundla kuzomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.