Ibukeka isengcupheni indawo kanozinti weRichards Bay uSalim Magoola obengabonwa emdlalweni weCarling Knockout ozakwakhe behlula i-Orlando Pirates ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.
UPhilasande Manqele (20) ubeyibambe ezintini, wafaka iBay kumasemifinals ngesikhathi evimba iphenathi kaDeon Hotto.
Yize uManqele eshaye into ecokeme eMoses Mabhida Stadium, uThembinkosi Lorch weBucs uvotelwe njengomdlali ovelele, wahlabana ngesamba sika-R100,000.
Lonozinti ubedlala ihlandla lesibili kulomqhudelwano kwazise wayekhona kwi-last 16 bekhipha iMoroka Swallows.
Umqeqeshi weRichards Bay uKaitano Tembo uthi liqhakazile ikusasa kuManqele.
“UManqele ukhombisa ukuvuthwa. Ungumuntu olalelayo. Ngithanda ukuzithoba kwakhe nokuzikhandla. Ungumuntu ohamba inkonzo yakwaShembe. Ungumdlali ongeke uzisole uma umnikeza ithuba.
“Ngithanda indlela ahlele ngayo udonga. Ngibuka amagoli amathathu asingenela emdlalweni weCape Town City okwakungafanele angene.
“Sasidlala ibhola elihle kodwa saphazanyiswa ukungenelwa amagoli amathathu emizuzwini engu-15. Besingaphansi kwengcindezi ngoMgqibelo kodwa unozinti ubekwazi ukwehlisa umoya, abhekane nezimo ezinzima.
“Kuyabonakala ukuthi nabadlali bayamethemba uManqele. Lokho kungijabulisile kakhulu,” kubeka uTembo ekhuluma nabeSuperSport TV.
UTembo uthi ukunqoba kwiBucs kuzokwehlisa ingcindezi njengoba besempini yezembe kwiligi.
“Ukunqoba lomdlalo wenkomishi kuzonyusa ukuzethemba ngoba sizodlala ngoLwesibili. Lomphumela sizowubeka eceleni ngoba unzima umdlalo weStellenbosch.
Ngithemba ukuthi abadlali bazolulama ngokushesha ngoba kunomunye umdlalo obalulekile weCape Town Spurs,” kuchaza lomqeqeshi.