Ukubhaxabula omkhaya iGolden Arrows ngo 3-0 kwiCarling Knockout kunyuse ukuzethemba kumqeqeshi waMazulu uPablo ‘Cijimpi’ Martin odalule ukuthi alikho iqembu alisabayo kwiDSTV Premiership.
Amagoli oSuthu ashaywe uJunior Dion esiwombeni sokuqala.
UMartin uthi akusekho okungabavimba kwiCarling njengoba sebekhiphe amaqembu abebukeka eyizimfivilithi.
“Singashaya noma yiliphi iqembu. Sihlule iKaizer Chiefs sidlala ekuhambeni. Siphinde sabhaxabula iqembu ebelisefomini kwiligi. Sibashaye kalula esiwombeni sokuqala.
Kufanele ngibashayele ihlombe abadlali ngoba bahlule i-Arrows ebiguqisa amaqembu amakhulu kwiligi. Ngikholwa ukuthi singayiqukula lendebe,” kuchaza uMartin ekhuluma nabeSuperSport TV.
Lomqeqeshi uthi wenelisekile ngalokho akubona kwezakhe kodwa kusekude bafinyelele ezingeni alifunayo.
“Kusekude sifinyelele ezingeni engilibhekile kodwa ngibona kunomehluko ezindaweni eziningi. Ngibona kusadingeka siqinise isikwati.
Sikhombisa ukuvuthwa kodwa okwenzeke emdlalweni we-Arrows angeke kuphindeke emidlalweni elandelayo. Kufanele sisebenze ngokuzikhandla emidlalweni ezayo. Ngizibekele lowombandela njengomqeqeshi,” kubeka uMartin.