USihlalo weTS Galaxy uTim Sukazi uthi kuyamangalisa ukubona iqembu lakhe liqhubeka nokudlala ibhola elihle noma bedayise abadlali abamqoka ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/2024.

IRockets idayise uBathusi Aubaas (Mamelodi Sundowns), Melusi Buthelezi (Orlando Pirates), Tshegofatso Nyama (Cape Town City), Aphelele Teto (Livingstone) noGiven Msimango (Kaizer Chiefs). 

USukazi uthi ubelindele ukubona iqembu lithwala kanzima ngoba abadlali abasha badinga isikhathi sokujwayela. 

IGalaxy isinqobe imidlalo emibili, yahlulwa kwemithathu, yadlala ngokulingana kwemithathu. Leliqembu lihleli endaweni ka-12 kwiDSTV Premiership. 

IGalaxy yahlula iKaizer Chiefs ngo 1-0 emdlalweni weligi owawubanjelwe eMbombela Stadium. 

“Ngijabule futhi ngiyamangala uma ngibona indlela esikhombisa ukuqina ngayo. Sesiqedile ngezinhlelo zokubumba iqembu kabusha. Angiboni ukuthi iqembu lingamelana nengcindezi uma lidayisa abadlali abayisikhombisa abamqoka. 

Iligi iqinile kakhulu, sikhombisa ukumelana nobunzima yize sibhekene nesimo sokubumba iqembu kabusha. 

Kusekude phambili kodwa kuyancomeka ukubona iqembu lidlala kahle yize lidayise abadlali abayisikhombisa. 

Angeke silindele imilingo ethimbeni labaqeqeshi. Sizoqhubeka nokubumba iqembu. Sisayine abadlali abasezingeni, sekusele khona ukuthi bangene egiyeni, bajwayele nesitayela seqembu. Imiphumela izolandela,” kubeka uSukazi ekhuluma nabezindaba. 

USukazi uthi bekuphoqa ukudayisa abadlali ngoba isimo sezimali besingesihle. 

Ngesizini ephelile, leliqembu belibhekene nenkinga yokuhlulwa ukuholela abadlali. 

“Sikhiqize abadlali abasezingeni ngesizini edlule, sabona ukuthi kungenzeka bafunwe amanye amaqembu.

Angeke siyeke ithuba lokukhanda imali. Kufanele sidayise uma kuphoqa isimo. Kuyingxenye yebhizinisi leqembu  ukukhanda abadlali abazodayiswa uma kuphoqa isimo. Imali sizoyisebenzisa, sithenge abanye abadlali,” kuchaza uSukazi. 

IGalaxy izobhekana neMamelodi Sundowns kwi-last 16 yeCarling Cup eMbombela Stadium ngoLwesithathu.