Umdlali we-Orlando Pirates, uThembinkosi Lorch, ugwetshwe iminyaka emithathu (elengiswe iminyaka emihlanu) waphinde wahlawuliswa imali ayithola koweCarling Black Label (R100 000) kwelokushaya owesifazane.

ULorch ubevele enkantolo yemantshi eRnadburg ngoLwesibili ekuseni. Ngaphandle kwesigwebo, lo mdlali uphinde watshelwa ukuthi akavumelekile ukuphatha isibhamu.

Ukulengiswa kwesigwebo sakhe iminyaka emihlanu kusho ukuthi uma eke watholwa enelinye icala elifanayo, uzofakwa ejele.

Imali ayihlawulisiwe kuthiwa kumele ayikhokhele inhlangano iPeople Opposing Women Abuse.

Kuthiwa uzokhokha uR50 000 namhlanje bese elandela ngoR10 000 zinyanga zonke ize iphelele.