UNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, usesulile esikhundleni sokuba yiMeya kumasipala weseZululand.
UButhelezi kubikwa ukuthi ulibangise esiShayamthetho saKwaZulu-Natal eMgungundlovu kanti kungenzeka abe nguNgqongqoshe njengoba i-IFP isiphumele obala ngokuba nesivumelwano ngokuphatha isifundazwe ngokubambisana ne-ANC. DA neNFP.
“Ngiyesula esikhundleni sokuba yiMeya kanye neKhansela likaMasipala wesiFunda saseZululand. Kube yilungelo eliyingqayizivele ukusebenzela izakhamuzi zaseZululand kule minyaka eyisikhombisa edlule njengeMeya.
“Ngifisa ukudlulisa ukubonga kwami kwi-IFP, engiphe igunya lokusebenza kulesi sikhundla esibalulekile. Ngendlela efanayo, ngidlulisa ukubonga kwami kuSomlomo woMkhandlu, iKomidi eliPhethe kanye nawo wonke amakhansela ngokungikhuthaza nokungeseka.
“Ngiphinde ngibonge kuMenenja kaMasipala, abaphathi abakhulu kanye nabo bonke abasebenzi beZDM ngokubambisana nokuzinikela ekusebenzeleni umphakathi waseZululand. Nginifisela okuhle kodwa nozakwenu njengoba niqhubeka nokuletha izidingo zabantu ngendlela.”
Izolo Inkatha imemezele ukuthi uNdunankulu waKwaZulu-Natal kuzoba nguMnuz Thami Ntuli oyiMeya ye-IFP ephumayo kumasipala wesifunda iKing Cetshwayo ozinze e-Richards Bay.