Owayengukapteni weReal Madrid uSergio Ramos uthi umgadli wase-England, uHarry Kane, angangena khaxa kwiLos Blancos futhi akumele azithele ngabandayo uma izama ukumsayinisa.
UKane umataniswa neMadrid kulandela ukumenyezelwa kwezindaba zokuhamba kukaKarim Benzema, okhonjwa eSaudi Arabia.
Ngokombiko weMirror, uRamos, naye okusolwa ukuthi ubheke eSaudi Arabia kulandela ukuhlukana nePSG, uthe angathanda ukubona uKane kwiMadrid.
“Iseluleko sami kunoma yimuphi umdlali ukuthi ungazincishi ithuba lokudlalela iReal Madrid. Iyiqembu elikhethekile elikwaziyo ukunqoba.
“UKane uwumdlali onamandla, ngeke ushaye amagoli asewashayile kwiPremier League ngaphandle kokuba wumgadli onzima.
“Okunye engikuthanda ngaye ukuthi uyakwazi nokudlala ibhola. Uyalishaya igoli kodwa nasebholeni nje muhle.”
URamos uqhube wathi iMadrid kufanele ilande umgadli ozokwazi ukumelana nengcindezi yokuvala isikhala sikaBenzema.
Khonamanjalo, ngokwemibiko evela e-Europe, iMadrid isiqalile ukukhuluma neTottenham ngokusayinisa lo mdlali osele nonyaka owodwa kwinkontileka yakhe kwiSpurs.
Abadlali abajoyine iMadrid besuka kwiTottenham eminyakeni edlule: Luka Modric, Gareth Bale.