IMiss SA isimemezele ukuthi umsakazi nomethuli wezinhlelo u-Anele Mdoda uzoba ngumethuli kaMiss SA 2022, ozokhonjiswa ngenyanga ezayo.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bahlukene phakathi ngokuqokwa kuka-Anele. Abanye bajabule abanye babuza ukuthi umethuli wezinhlelo othandwayo kuleli uBonang Matheba akavumanga yini ukuba ingxenye kaMiss SA.
She is vibrant, energetic, talented and yes of course your #MissSA2022 host @Anele . 🎤 ✨@Anele is one of South Africa’s best-loved radio and television personalities. She will definitely be adding some colour at our pageant finale on 13 August at SunBet Arena @timesquareza . pic.twitter.com/Ly924kBkKi
— Miss South Africa (@Official_MissSA) July 19, 2022
UMiss SA uzokhonjiswa ngo-Agasti 13 kuMzansi Magic.
Amajaji kulo mncintiswano kuzoba uThando Thabethe ongumlingisi, umsakazi kanye nomethuli wezinhlelo, umsiki wengqephu uKhosi Nkosi, owayengu-Miss SA 2015 uLiesl Laurie-Mthombeni, umhleli uMakhosazana Zwane-Siguqa, umlingisi uSimoné Nortmann, usomabhizinisi uKoo Govender kanye noTracey-Lee Lusty Horwitz.