Umethuli wezinhlelo uBonang Matheba uphinde wadelela uNgqongqoshe wezobuciko namasiko kuleli uMnuz Nathi Mthethwa, emtshela ukuthi akasule kulesi sikhundla.
UBonang usho loku emva kokuba uMthethwa ebhale enkundleni yokuxhumana uTwitter ehalalisela iBanyana Banyana ngokunqoba isemifinal ibhekene neZambia kwi-Women’s Africa Cup of Nations ngoMsombuluko.
“Ngihalalisela amaqhawe iBanyana Banyana ngokunqoba indawo kowamanqamu kwi-Women’s African Cup of Nations ngemva kokuhlula iZambia kowanqundulela amanqamu. Ukunqoba kweBanyana Banyana kuyingqophamlando ebholeni labesimame eNingizimu Afrika,” kubhala uMthethwa.
UBonang akapholisanga maseko watshela ungqongqoshe ukuthi akanikeze leliqembu imali noma asule esikhundleni.
“Lamantombazane kumele athole imali, vula isikhwama semali angithi ufuna i-orchestra? Ayikho indaba yakho, sula esikhundleni,” kusho uBonang.