Umdlali weBayern Munich obolekwe iManchester United, uMarcel Sabitzer, uthi uyakuthanda ukudlala e-Old Trafford futhi uzizwa esekhaya kuleli qembu.

USabitzer (28) ufike wangena khaxa kwiMan United kulandela ukujoyina ngenyanga edlule. Lo mdlali wase-Austria uqale umdlalo wakhe wokuqala ngempelasonto ngesikhathi i-United ibhaxa iCrystal Palace ngo 2-0 koweligi.

Ekhuluma ngemuva komdlalo wangempelasonto, uSabitzer uveze ukuthi uzothatha isinqumo ngekusasa lakhe uma kuphela isizini kwazise usayine inkontileka yezinyanga eziyisithupha kuphela.

“Ngisabolekisiwe okwamanje, akukho okunye engingakusho. Ngiyayithanda le ndawo kodwa, futhi ngizizwa ngisekhaya.

“Ngiyayithanda iMan Unityed, ngithanda nomoya wase-Old Trafford. Sizobona okuzokwenzeka uma kuphela isizini.”

Lo mdlali ufike kahle kwiMan United kulimile uChristian Eriksen, okulandelwe wukukhishwa kukaCasemiro ngekhadi elibomvu. Ube nomdlalo omuhle ngeSonto edlala noFred esiswini.

Kulindeleke ukuthi awuqale futhi umdlalo weRed Devils neBarcelona we-Europa League ngoLwesine ebusuku.