Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthi kubaphoqile ukuthatha isinqumo sokudedela uPavol Safranko ngoba indawo yakhe ibingasabonakali eqenjini njengoba kusayiniswe umgadli omusha u-Abubeker Nasir.

Yize ewashayile amagoli angu-9 emidlalweni engu-29 ngesizini ka-2021/22, uSafranko ugcine echithiwe kwiSundowns ebibhekene nenkinga yokugcwala kwabadlali abaningi abadabuka emazweni angaphandle.

IPSL ivumela kubhaliswe abadlali abahlanu kuphela abangenabo ubuzwe bakuleli. Ukusayiniswa kuka-Abubeker Nasir kuphoqe ukuthi iDowns igcine isimlahla uSafranko obesahlale isizini eyodwa eChloorkop.

“Besigxekwa ezindaweni eziningi ngesinqumo sokudedela uPavol, besibona ukuthi sidinga umgadli ohlukile kunaye. Besifuna umgadli onebhola elihlukile kakhulu.

Besihlela ukuthola umgadli ozongena khaxa ebholeni elidlalwa yiqembu. Uma ubheka amaligi asezingeni eliphezulu, sekusele uRobert Lewandowski kuphela odlala efulathele izitobha. Abadlali abaningi sebeyakwazi ukuzifikela qathatha ebhokisini yize bengebona abagadli.

Besilindele ukuthi uPavol angajwayeli ukudlala ibhola esilifunayo. Sithathe isinqumo esimayelana nebhola, siyazi ukuthi usize kakhulu ngesikhathi ebesimdinga ngaso. Uzinikelile eqenjini futhi ubeziphethe kahle.

Kusenzima ukudlulisa imiyalezo kuNasir, kufanele sibekezele uma sikhuluma ngaye no-Allende. Bazogcina befinyelelile ezingeni lethu,” kubeka lomqeqeshi.