Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthi ingcwenga yebhola elidlalwe uTebogo Mokoena kwi-Africa Cup of Nations lizogeza igama lakhe njengoba wagxekwa ngesizini edlule eqeda ukunqoba indondo yomdlali ovelele kwiPSL.
UMokoena uqokwe nasesikimini sabadlali abashaye into ecokeme kwi-AFCON.
Lomdlali, oyibamba enkabeni yesisu, udlale enkulu indima kwiBafana Bafana ebuye nendondo yethusi eCote d’Ivoire.
UTebza (27) wanqoba indondo yomdlali ovelele kuPSL ngesizini ka-2022/23 ngemuva kokunqoba iDSTV Premiership neSundowns. Wayeqhathwe nozakwakhe uRonwen Williams noMonnapule Saleng we-Orlando Pirates kulomkhakha.
“Ngicabanga ukuthi kuzophela ukuphikisana manje ngendondo yomdlali ovelele eyatholwa uTebza. Ibhola elidlalwe uMokoena liyakuqeda ukukhuluma.
UMokoena ubesezingeni eliphezulu ukubadlula bonke ozakwakhe emidlalweni. UMshishi (Themba Zwane) ukhombisile ukuthi ubizelweni esikwatini. Bekufanele abizwe ngoba ungomunye wabadlali abazimiselayo, yingakho engukaputeni.
UZwane ukhombisile ngendlela abehlanganisa ngayo kuhlaselwa. Amagoli amabili awashaya ayakhombisa ukuthi kuningi angasinikeza khona,” kuchaza uRulani obekhuluma noThabo Mosia kuRadio 2000.
URulani uncome nabanye abadlali beSundowns abebeyingxenye yeBafana kwi-AFCON.
“UWilliams ubemangalisa, ungenelwe amagoli amathathu ebhekene namaqembu anabagadli abangayibheki inethi. Ushaye into ecokeme uWilliams.
U-Aubrey Modiba udlale kahle emuva yize kuyindawo angayijwayele uma uqhathanisa nendawo ayidlala kwiSundowns. Ngichazekile ngimbona emaka abagadli basezimpondweni abafaka ukushisa.
USailor (Khuliso Mudau) ungihlabe umxhwele, udlale ibhola elinohlonze emdlalweni weNigeria. UMashego (Terrence) noMaseko (Thapelo) bazibonakalisile sebenikezwe ijezi. Kufanele ngibale uGrant noMvala abavale kwasani emuva.
UThapelo Morena ubedlala endaweni efanele. Ungumdlali wasophondweni phambili,” kuchaza uRulani.