Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthi abagadli uKermit Erasmus noGift Motupa kufanele balijwayele ibhentshi ngoba uGabriel Jesus noZlatan Ibrahimovic bebehlala ebhentshini kwiManchester City nakuBarcelona kumasizini adlule.
“Lezinto ziyenzeka ebholeni. Ngabona uGabriel Jesus esayina kwiManchester City esuka kwi-Arsenal ngenxa yalokhu. IBarcelona yathenga uZlatan Ibrahimovic kodwa washiya eqenjini ngemuva kwesikhathi esincane.
URomelu Lukaku wabuyela kwiChelsea esuka kwi-Inter Milan kodwa izinto zihambanga kahle. Lokho akuchazi ukuthi uthathe isinqumo esibhedayo futhi akusho ukuthi umdlali uyaboza.
Siyalazi izinga likaGift noKermit, baseyingxenye yeqembu, sizozama ukubasiza,” kubeka uRulani ekhuluma nabezindaba.
Bobabili labadlali sebephenduke ifenisha eChloorkop. U-Erasmus ufunwa AmaZulu neRoyal AM kanti uMotupa ugaqelwe yiSuperSport United.