Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, usefanise uSiyabonga Mabena (16) nowayengumdlali we-Orlando Pirates uGift Leremi.
UMokwena uvezi lokhu izolo ngemuva komdlalo weDStv abashaye kuwo iRoyal AM ngo 5-1. Indlela iSundowns ebizishibilikela ngayo kulo mdlalo uMokwena uze wakhetha ukufaka uMabena osafunda eHigh School ukuthi naye azoziveza kwiThwihli Thwahla.
“Ungikhumbuza uGift uLeremi ngendlela adlala ngayo. Udlala ngezinyawo zombili, indlela ajika ngayo ngesivinini, okuyinto engekho lula neze. ULeremi wayewumdlali okhethekile, kodwa kuningi engikubona kulo mfana okungikhumbuza yena,” kusho uRulani.
UMabena ulandwe yiSundowns kwiSchool of Excellence. ISundowns isishoda ngamaphuzu amane nje kuphela ukuthi iqede konke ngesicoc seDStv Premiership.