Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthi engathanda ukubona abalandeli bezakhe begcwalisa inkundla ngoMgqibelo njengoba kwenza abalandeli beMan City emdlalweni wayo wokugcina.

UPep ubeke kanje ngemuva komdlalo wezakhe neTS Galaxy ophele ngo 1-1. ISundowns izoqukula isicoco seDStv Premiership okwesikhombisa kulandelana, okuyigugu kwiSundowns njengoba ukuphakamisa u-7 kuyinto yayo.

URulani usenxuse abalandeli beDowns uthi beze ngobuningi babo eLoftus Versfeld emdlalweni wabo neCape Town City.

“Ngiyethemba ukuthi abalandeli beSundowns bayibukile iManchester City ngempelasonto edlule nokuthi kwakugcwele kanjani enkundleni,” kusho uMokwena.

“Noma babephoxekile ngokuphuma kwiChampions League, iningi labo wawubona ukuthi bayakujabulela ukunqoba isicoco okwesine kulandelanana.

“Abadlali abakhethekile bakwaze ukunqoba iligi okwesikhombisa kulandelana. Asigcwalise iLoftus sijabule ngendlela efanelekile. Lezi zinto azenzeki njalo. Engikucelayo nje ukuthi sigcwalise inkundla ngoba sibe nesizini emangalisayo.”