Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, usekuchithile ukuthi izinguquko athe uzozenza kuleli qembu zithinta uSteve Komphela noManqoba Mngqithi.
Ngesonto eledlule uRulani uqinisekise imibiko yokuthi kuzoba nezinguquko kubasizi bakhe wathi kuyinto ejwayelekile leyo njengoba kube nezinguquko kwiSundowns.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu abaningi banokusola ukuthi izinguquko abekhuluma ngazo zithinta uManqoba Mngqithi noSteve Komphela, okuyinto aseyichithile uRulani.
“Abantu bayaqagela nje, akunjalo. Ngijabule ngomsebenzi owenziwa yithimba labaqeqeshi. Ngathi izinguquko yinto ejwayelekile. Ngesikhathi uGraham Potter efika kwiChelsea angikungabazi ukuthi wenza izinguquko naye.
“Umqeqeshi odlule weSundowns wahamba waya kwelinye iqembu, kwaba nezinguquko. Yinto ejwayelekile le.”
“Iqembu lijabule ngawo wonke umuntu kusukela kuSteve noManqoba kuya kuWendell noSbu ojimisa abadlalai, kuya kwi-analyst.”