Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ucela abalandeli behlise amaphaphu ngamathemba okunqoba iDSTV Premiership ngoba isizini ka-2022/23 isanda kuqala.
IBucs ikhuphukele esicongweni seDSTV Premiership ishaya iMarumo Gallants ngo 1-0 e-Orlando Stadium izolo ebusuku. Igoli leBucs lishaywe uPaseka Mako obedlala okokuqala kusukela walimala ngesizini ka-2021/22.
Emidlalweni eyisithupha, iPirates isinqobe emithathu, yahlulwa kowodwa, emibili yaphela zibambene. Ihleli esicongweni ngamaphuzu angu-11.
IBhakabhaka lisashaye amagoli amane kuphela kwiligi, langenelwa amabili kodwa amagama ajwayelekile athi iqembu elinodonga oluqinile yilona elivamise ukuwina izindebe.
Ngesonto eledlule, umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt wathi abadlali abasayiniswe iBucs emakethe baqinise iqembu, yasondela eduzane kweMamelodi Sundowns ngokwezinga lesikwati.
“Iligi isanda kuqala, simatasa ngohlelo oseluthathe amasonto ayisikhombisa. Sidlala imidlalo eminingi esikhathini esincane, sekunzima kakhulu ngoba asikho isikhathi sokujima.
Asikho isikhathi sokuhlela nokuzama izitayela ezihlukile. Sifunda ukuthi kufanele silungise amaphutha kodwa kunzima. Kunzima ukukhomba iqembu elizokwazi ukulwela iligi.
Siyakwazi esikuphethe ezandleni, kudala ngikhuluma lokho. Ngiyalazi iqembu esilidlalelayo. Sifuna ukunqoba, angicabangi ngokuzokwenzeka ngoDisemba noma ngoFebruary kodwa ngibuka umdlalo weRoyal AM noweMaritzburg United.
Sizama ukuhlela iqembu ngalendlela, sibuka iqembu esidlala nalo kuphela. Angeke sicabange neSundowns noma amanye amaqembu asembangweni wokunqoba ilii. Kufanele sizilwele thina. Okwamanje sihleli esicongweni seligi.
Sijabule kakhulu ngoba kufanele sithokoze. Kufanele siwajabulele amaphuzu namuhla, sicabange ngeRoyal AM kusasa ngoba kulandela yona,” kubeka uRiveiro ekhuluma nabeSupersport TV.
IBucs izodlala neThwihli Thwahla kwiMTN 8 ngempelasonto. Izobuyela kwiDSTV Premiership neTeam of Choice ngeSonto eHarry Gwala Stadium.