Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi umdlalo weNedbank Cup nompushana iCrystal Lake uyithuba lokuhlola abadlali abasha nalabo abeqiwa yijezi. 

IBucs izovakashela ama-amesha amele isifundazwe iMpumalanga kulomdlalo ozobanjelwa eMbombela Stadium ngoMgqibelo emini. 

IBucs izoqala umdlalo engekho uMiguel Timm owakhishwa ngekhadi elibomvu bedlala ngokulingana neMamelodi Sundowns koweligi ngesonto eledlule. 

Kulindeleke ukuthi uRiveiro abophele esikimini uThabiso Lebitso noThalente abasanda kusayiniswa. Kungenzeka abonakale nomgadli uTshegofatso Mabasa obebolekiswe kwiMoroka Swallows kuqala isizini. 

“Sizozama ukusebenzisa abanye abadlali, akusikho ukubukela phansi iCrystal Lake kodwa kuyaphoqa nginikeze abanye ithuba. Kunabadlali abangu-34, bonke balwela ukuthola isikimu. 

“Ngiyathemba ukuthi bazodlala abadlali abasha, angibuki umdlalo njengethuba lokushintsha izinto. Akekho uMiguel Timm, kufanele sifake umdlali ozovala isikhala sakhe,” kuchaza uRiveiro ekhuluma nabezindaba ngoLwesine. 

URiveiro uxwayise ezakhe ngokubukela phansi leliqembu elidlala esigabeni seHollywoodbets Regional League.

IBucs isike yabhekana nehlazo lokuqunjwa phansi ompushana ngaphambilini, okuyisimo esenzeka ngo-2013 behlulwa iMaluti FET College ngo 4-1 kuwona lomqhudelwano. 

“Sifuna ukuphinda esakwenza kulendebe ngesizini edlule, sibhekene neqembu elidlala esigabeni esiphansi. Asinalo ulwazi ngeqembu esizodlala nalo. 

Lomdlalo ubalulekile kwiCrystal Lake, angeke kufane nemidlalo ye-All Stars, Venda FC neDondol FC. Sizodlala enkundleni ezogcwala abalandeli bethu, abantu balindele umdlalo onzima,” kubeka lomqeqeshi.