Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ukholwa ukuthi selikhuphukile izinga lika-Evidence Makgopa obeyingxenye yeBafana Bafana kwi-African Cup of Nations (AFCON).
UMakgopa (23) washaya igoli elilodwa kwi-AFCON yize wayeqale emidlalweni eyisikhombisa. Lomgadli wabasela inethi behlula iMorocco kwi-last 16.
URiveiro uqoke ukumsebenzisa nfokuphuthuma uMakgopa osanda kubuya e-Ivory Coast. Lomgadli uwuqalile umdlalo wangoMgqibelo bedlala ngokulingana neMamelodi Sundowns kwiligi.
“UMakgopa usengumdlali oshintshile. Udlale kumqhudelwano omkhulu e-Africa, egadulisana nabadlali abasezingeni abagijima kumaligi ahlonishwayo e-Europe. Uhlale amasonto ayisikhombisa neqembu lesizwe elinabadlali abanohlonze,” kuchaza uRiveiro ekhuluma nabezindaba.
URiveiro uthi isipiliyoni esitholwe uMakgopa kwi-AFCON sizomsiza ekukhuphuleni izinga.
“UMakgopa uselitholile ithuba abelilangazelele ngoba esedlala kwiPirates.
Izinto bezingabukeki kahle ngonyaka odlule kuMakgopa. Uqale isizini exinwa ukulimala, wasala ngemuva kwabanye abadlali. Uselitholile ithuba, kufanele alisebenzise,” kusho uRiveiro.
IBucs iqhubekile nokuhlala endaweni yesine kwiligi njengoba isiqoqe amaphuzu angu-26.
IPirates izobhekana neCrystal Lake FC kwi-last 32 yeNedbank Cup ngoMgqibelo. ILake FC iyiqembu elidlala esigabeni seHollywoodbets Men’s Regional League esifundazweni iMpumalanga.