Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi amaphaphu phansi kubalandeli abacabanga ukuthi ezakhe angeke zisakwazi ukubamba iMamelodi Sundowns ehleli esicongweni kwiDSTV Premiership.
IBucs ibambane naMaZulu ngo 0-0 emdlalweni weligi obubanjelwe eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili.
IPirates, enqobe iMTN 8 kulenyanga, iqale ngegiya eliphansi iligi njengoba isanqobe imidlalo emibili kuphela kweyisithupha asebeyidlalile.
“Kuyadingeka sihlaziye iligi ngemuva kwemidlalo eyisithupha? Bekezelani, kusekude kuphele isizini. Sidlala kangcono ukudlula indawo esihleli kuyo. Maduzane kuzobonakala umehluko,” kuchaza uRiveiro ekhuluma nabeSuperSport TV sekuphele umdlalo.
URiveiro uthe lizobasebenzela ngolunye usuku iphuzu abalithole eThekwini, waphinde waxwayisa abadlali ngokuqoqa amaphuzu kusenesikhathi.
Lomqeqeshi uveze ukuthi ukumiswa komdlalo bekubulala umgqigqo weqembu.
“Kufanele silithokozele iphuzu elilodwa esibuye nalo. Lizosiza leliphuzu, kuyenzeka imiphumela ingakuvumi. Kufanele sikulungise lokho.
Umdlalo besiwuphethe ngesikhathi usaqala. Kuphazamise ukumiswa komdlalo ngoba kulimaze umgqigqo wethu. Unozinti (Mothwa) ubelimala umdlalo wonke. Ngiyathemba uzoba ngcono.
Ukuphazamiseka komdlalo kubi. Kodwa angikhali ngoba unompempe wengeze isikhathi esiningi,” kuchaza uRiveiro.