Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ubona liqine ngokwanele iqembu lakhe yize engasekho uThembinkosi Lorch odayiselwe iMamelodi Sundowns ngoJanuary.
IBucs ibuye nephuzu elilodwa koweligi ibhekene neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo yize iqede umdlalo ingaphelele kukhishwa uMiguel Timm ngekhadi elibomvu.
ISundowns, engayazi induku kwiDSTV Premiership, ihambe phambili ngegoli likaMarcelo Allende ngomzuzu ka-76. Akuphelanga nemizuzu emine yabuya iPirates ethole iphenathi evalelwe uTapelo Xoki.
Ekhuluma nabezindaba sekuphele umdlalo, uRiveiro ukubeke obala ukuthi akayicabangi indaba kaLorch, kunalokho uzoncenga ngabadlali abasele.
“Sinabadlali abasezingeni, banethalente elimangazayo. Angeke siziqhathanise neSundowns ngephakethe, kufanele sisebenzise abadlali esinabo.
Abadlali abakhona banethuba lokushintsha izimpilo zabo, bazakhele umlando eqenjini. Ngibona siqine ngokwanele isikwati sethu,” kubeka uRiveiro.
ULorch uwuqalile umdlalo, wakhishwa ngomzuzu ka-62 sekungena uSipho Mbule endaweni yakhe.
Lomphumela ucishe irekhodi leDowns lokunqoba emdlalweni eyisikhombisa yeligi uma ibhekene nePirates.
IBucs izobuya ensimini ngoLwesibili njengoba izobhekana neSAFA Mpumalanga kwiNedbank Cup.