Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi ubengahlosile ukuyekela uThembinkosi Lorch aqede umdlalo kodwa ukungakhathali kwakhe kumenze washintsha umqondo.
ULorch (30) ubeqala ukudlala kule sizini, wagcine eqokwe njengomdlali ovelele emdlalweni weCarling Knockout iBucs ishaya iCape Town Spurs ngo 2-0.
Ngaphambi kokuqala komdlalo, uRiveiro uchaze ngokubaluleka kokunikeza abadlali abakhuphule izinga ejimini, okukhona kubo uLorch no-Evidence Makgopa.
Sekuphele umdlalo, uRiveiro uveze ukuthi ukukhishwa kukanozinti uSipho Chaine esiwombeni sokuqala nokungakhathali kukaLorch yikhona okumshintshe umqondo.
“Sibhekane nesambane esiwombeni sokuqala ngesikhathi kulimala uSipho, besishodelwa kakhulu sekuzophela umdlalo.
“ULorch uthe uzizwa engumqemane ngesikhathi sekuzophela umdlalo. Bengilindele aphathwe amajaqamba ngoba unesikhathi eside engalithinti ibhola.
“ULorch akusiyena umdlali ongacabangela ukuthi ugijima ibanga elingakanani enkundleni. Udlale kahle yize egcine esezifaka kubantu. Ubukeka engumqemane, ukwazile ukuqeda umdlalo,” kusho uRiveiro echazela abakwaSuperSport TV.
IPirates ilandele iGalaxy kuma-quarterfinals eCarling Knockout. Amaqembu adlulele kuma-quarterfinals azoqhathwa ngeSonto.