Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uncome ukuzithoba nokuhlonipha akubone ku-Evidence Makgopa obeqala umdlalo wakhe wokuqala emdlalweni weCarling Knockout neCape Town Spurs ngoLwesihlanu.
IPirates inqobe ngo 2-0 kulo mdlalo.
Lo mgadli oseke wagijima kwiBaroka, ubhekene nomqansa wokulwela ijezi kwiBucs njengoba ebanga indawo nabadlali okubalwa kubo uZakhele Lepasa, Kermit Erasmus, Eva Nga nabanye.
URiveiro ujabuliswe ukungatheneki amandla akubone kuMakgopa. Lomgadli ukhande iphenathi okube yigoli lesibili lePirates.
“UMakgopa ubeqala ukuqeda umdlalo. Usehlale isikhathi esingaphezulu konyaka engalitholi ijezi. Ngijabule ngokuziphatha kwakhe, ukhombise ukuvuthwa ekhanda.
Ngiyathokoza uma ethola ithuba. Ushubile umbango wejezi uma ubheka abagadli abakhona. Ngiyamjabulela ngoba ulitholile ijezi namuhla. Ngibona esengalikhuphula izinga,” kusho uRiveiro ekhuluma nabeSuperSport TV sekuphele umdlalo.
Lomqeqeshi uthi ulindele ukubona uMakgopa ekhuphula amasokisi ngoba neminyaka isamvumela.
“Izinga neminyaka kaMakgopa iyakhombisa ukuthi usenganyusa ezindaweni ashoda kuzo. Kuzobonakala ukuthi uyaqina uma ezothola ijezi emidlalweni elandelayo. UMakgopa uzithobile, usebenza ngokuzikhandla nsukuzonke,” kuchaza lomqeqeshi.
Lomgadli usethubeni lokuthola ijezi uma iBucs isibhekana naMaZulu emdlalweni weDSTV Premiership eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili.