Njengoba iGolden Arrows izibekisele ngendawo kuma-quarterfinals eCarling Knockout, umqeqeshi weqembu uMabhudi Khenyeza uthi akufanele kunconywe yena ngoba akaseyena umdlali.
Abafana Bes’thende bashaye iCape Town City ngo 3-1 eMpumalanga Stadium ngoMgqibelo.
Amagoli e-Arrows avalelwe enethini uTebogo Tlolane, Nduduzo Sibiya noKnox Mutizwa. UTaahir Goedeman ushaye eleCity.
UKhenyeza uthi wanconywa kakhulu esengumdlali, manje sekuyisikhathi sabadlali.
“Kufanele sibashayele ihlombe abadlali ngoba bayazikhandla, ikakhulukazi ejimini. Angeke ngizigqamise. Abaqeqeshi basebenza ekucasheni, kube abadlali abagqama enkundleni.
Akufanele kunconywe abaqeqeshi. Angiyena umuntu othanda ukunconywa. Ngalithola ithuba lokushayelwa ihlombe ngisadlala ibhola. Umsebenzi wabaqeqeshi ukukhombisa abadlali okufanele bakwenze,” kubeka uKhenyeza.
I-Arrows iqhubeka nefomu enhle eqale ngayo isizini kwazise ihleli endaweni yesibili kwiDSTV Premiership.
I-Arrows iqhathwe nomkhaya AmaZulu kwiquarterfinal yeCarling Knockout. Usuku nenkundla kuzomenyezelwa ezinsukwini ezilandelayo.