Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uzwakalise ukuziqhenya ngabadlali bakhe ngemuva kokuqukula indebe yakhe yesithathu kuleli qembu.
IBucs inqobe ngo 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi kowamanqamu weMTN 8 izolo eMoses Mabhida Stadium.
Ubenqoba indebe yesithathu kuleli, okukhona kuyo iMTN 8 neNedbank Cup ngesizini ka-2022/23.
Ekhuluma nabeSuperSport TC sekuphele umdlalo, lomqeqeshi ubebukeka ejabule, wadalula ukuthi imiphumela yemidlalo edlule ibafakele ingcindezi ngaphambi komdlalo.
“Ngijabule kakhulu, angicabangi ukuthi kudingeka ngiphawule ngomdlalo. Besibhekene nesimo esinzima emidlalweni eyedlule. Abadlali balwile, bejulukela iqembu kanye nabalandeli.
Iqembu likhombise ubumbano umdlalo wonke. Sithwale kanzima emdlalweni ngoba besidlala neqembu elisezingeni. Sikwazile ukubamba umdlalo, sagcina sithole umphumela ogculisayo.
Ngiyaziqhenya ngokuba Umqeqeshi we-Orlando Pirates,” kubeka uRiveiro.
☠️
— Orlando Pirates (@orlandopirates) October 8, 2023
🏆 Good Morning #MTN8CHAMPIONS
🏆 Good Morning #MTN8CHAMPIONS
🏆 Good Morning #MTN8CHAMPIONS
🏆 Good Morning #MTN8CHAMPIONS
🏆 Good Morning #MTN8CHAMPIONS
🏆 Good Morning #MTN8CHAMPIONS
🏆 Good Morning #MTN8CHAMPIONS
🏆 Good Morning #MTN8CHAMPIONS
🏆 Good Morning… pic.twitter.com/xEG6bqf5CS
Ngokomlando, IBucs ibiyinqoba okwesihlanu iMTN 8 selokhu yashintshwa igama. Umqhudelwano wamaqembu angu-8 bebewunqoba ihlandla lika-12.