Umgadli waseBrazil odlalela iTottenham Hotspur, uRicharlison, usebize isizini yakhe yokuqala kwiSpurs ngamas***ba ngenxa yokukhuhliswa ibhentshi kweminye imidlalo.

URicharlison, ongakayishayeli goli kwiPremier League iSpurs kule sizini, uphinde waqaliswa ebhentshini emdlalweni wayizolo we-UEFA Champions League ne-AC Milan. Umdlalo ugcine uphele ngo 0-0, iMilan yadlula ngokunqoba umlenze wokuqala ngo 1-0.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uRicharlison, uvele wabiza isizini yakhe ngendle.

“Angiqondi ukuthi yini okufanele ngiyenze ukuze ngiqale imidlalo. Siwinile sibhekene neChelsea neWest Ham, ngase ngabekw ebhentshini. Ngidlale imuzuz emihlanu sibhekene neWolves, uma ngicela incazelo akekho ochazayo ngokubekwa kwami ebhentshini.

“Bathe angenze ifitness test, uma ngiophasa ngizowuqala umdlalo, kodwa nakhu ngiphinde ngabekwa ebhentshini. Ngiphinde nganganikezwa isizathu. Ake sibone ukuthi [uConte] uzothini, kodwa angiyona ingane – ngiyawuhlonipha umsebenzi wami, ngisebenza kanzima futhi ngifuna ukudlala.”

“Ningixolele ngolimi kodwa le sizini ingamas**ba.”