Omunye wabadlali abantukuntuku esikwatini seBrazil, uRaphinha, usephendule inkakha uRonaldinho ethe ngeke iyibuke imidlalo yabo kwiCopa America.
Izolo uRonaldinho ugxeke isikwati seBrazil esizodlala kwiCopa America esisola ngokuba buthuntu, wathi ngeke azihluphe ngokubuka imidlalo yalo mqhudelwano ozoqala kuleli sonto.
URaphinha, oshaye amagoli ayisithupha nama-assist awu-9 emdlalweni ewu-28 kwiLaLiga ngesizini edlule, uthi ibathusile inkulumo kaDinho.
“Inkulumo yakhe besiyiqabuka sonke ngoba akakhulumanga kanje egcina ukukhuluma nathi. Empeleni ukhombise ukuleseka iqembu. Ngimbona eyinkakha, umuntu esingabukela kuyena sonke.
“Isiphoxile inkulumo yakhe.”
URaphinha uqhube waphikisa uDinho ngokuthi abazinikeli futhi abalilweli ijezi leBrazil nokuthi kugcwele abadlali abantukuntuku.
“Ngiyakuphika nje kakhulu lokho. Sonke kukhona esikuphethe okusiza iqembu.”
Uphinde waveza nokuthi iyamxaka inkulumo yakhe ngoba ezinsukwini ezimbalwa ezedlule ubecela amathikithi okubuka imidlalo kuVinicius Jnr.
URonaldinho ngeSonto uwahoxisile amagma akhe wathi ubeyingxenye yomkhankaso wokwakha isasasa ngeCopa America nangemidlalo yeBrazil. Abaningi abamkholwanga.