Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic usephinde wavukuza impi yakhe yamazwi nomqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena ethi kugcwele inkungu emehlweni alomqeqeshi.
URamovic ubeke kanje enxgoxweni neSABC News ngoLwesine ebusuku lapho aveze khona ukuthi awudingi ukwenza okuningi ukuze kuvele ukuthi ungumuntu ongenalo iqiniso uRulani, kumele uvele umyeke azikhulumele.
“Mina ngikhuluma iqiniso kuphela. Uzakwenu ongakuhloniphi, okubukela phansi….ngicabanga ukuthi sivumelekile ukuphakamisa izwi sibeke izinto ngendlela esizibona ngayo,” kusho uRamovic.
“Kodwa ngiphinde ngabona futhi ngemuva kwesikhathi ukuthi uma efuna ukukhangisa ukuthi kugcwele inkungu emehlweni akhe nokuthi uyazenyeza, akukho okuningi okufanele ukwenza, myeke azikhulumele.”
URamovic noRulani ababoni ngasolinye kulandela induku yeTS Galaxy ngonyaka odlule eyaphelezelwa izinkulumo ngokushoda kwabadlali beDowns ababebuya kwiBafana Bafana, angayithandanga neze uRamovic.