Kucacele ngisho ingane encane ukuthi unesifiso sokuthatha umsebenzi wokuqeqesha kwiKaizer Chiefs umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, ophumele obala ngokuthanda leli qembu.
Ngemuva komdlalo ophele ngo 2-2 ngoLwesibili, uRamovic uthe iChiefs ifanelwe ukuba kwi-top 3 kwiDStv Premiership futhi inabalandeli abahle.
“Besifuna ukuqinisa esiwombeni sesibili kodwa ifree kick isiphazamisile kungena igoli lesibili. Akubanga lula ukubuya ngoba iChiefs ivala kahle emuva kodwa sikhombise ukuqina ukhakhayi, yingakho ngibabongela abadlali bami ngabakwenzile,” kusho uRamovic ekhuluma nabeSuperSport TV.
“Ngifisa nokubongela leli qembu elihle elimangalisayo, iChiefs. Bayiqembu eliqinile futhi ngiyethemba bazobuya beqine kakhulu ngesizini ezayo ngoba iChiefs ifanelwe ukuba kwi-top 3, futhi ngiyakholwa ukuthi basazozenza kangcono izinto ngoba yiqembu elikhulu leli elinabalandeli abahle,” usho kanje.
IChiefs namanje isathungatha umqeqeshi omusha njengoba kubambe uCavin Johnson osehluleke wancama.