Owayengumdlali weManchester United, uPaul Pogba, umiswe okwesikhashana ebholeni njengoba sekuqalwe uphenyo ngaye kulandela ukutholwa kwezikhuthazi egazini lakhe.
Ngokwemibiko evela e-Italy kutholwe isikali esiphezulu se-testosterone egazini lakhe, okuyi-hormone ekhuphula i-indurance (ukuhlala isikhathi eside udlala, ungakhathali). Lokhu kubanjwe ngemuva kokuhlolwa kwegazi lakhe ngo-August 20, ngemuva komdlalo ne-Udinese ayekhuhla ibhentshi kuwo.
UPogba (30) ubhekene namashwa selokhe ashiya kwi-United njengoba efike walimala eTurin. Selokhe abuyela kwiJuventus, usadlale imidlalo ewu-8 kuphela futhi akasabizwa eqenjini lesizwe.
Uma etholwa enecala angamiswa ebholeni isikhathi esibalelwa kwiminyaka emine.
Ngokombiko weSky Sports namhlanje ekuseni abamele uPogba baveze ukuthi wayengeke athathe izikhuthazi azi.