Umqeqeshi osezakhele igama e-Africa naseMiddle East, uPitso Mosimane, usephumele obala ngokuchitha izinkunzi zase-Egypt, iZamalek.
UPitso uyinyama emaqenjini amakhulu ase-Afrika kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi i-Ahl Ahli yaseSaudi Arabia ayizimisele ngokuvuselela inkontileka yakhe. Kunemibiko yokuthi ithungatha umqeqeshi wase-Europe njengoba ifuna ukuqhudelana namaqembu amakhulu kwiSaudi Pro League ngesizini ezayo.
Ephawula ngokuchitha iZamalek, uPitso uveze ukuthi akazimisele ukubuyela eGibhithe njengamanje.
“Angiboni ukuthi isikhathi esihle sokwamukela isicelo sabo. Ukube izimo zihlukile, ngangingathanda ukuqhubeka kwi-Al Ahly jodwa indlela izinto ezimi ngayo kwi-Egyptian League ngabona ukuthi ngeke ngisakwazi ukuqhubeka ngisebenze khona.