Umqeqeshi obambile kwiSwallows uMusa Nyatama ubalise ngokuhuqa ubuthongo kwezitobha ngesikhathi esibucayi kakhulu emdlalweni.
ISwallows ishaywe AmaZulu ngo 3-2 ibhekene naMaZulu eDobsonville Stadium izolo ebusuku.
IziNyoni bezihamba phambi ngo 2-1 sekusele imizuzu engu-15 kodwa zehlisa igiya, okuholele ekutheni Usuthu lubuye ngamandla.
Unozinti weSwallows uThakasani Mbanjwa wehlelwe yibhadi efaka ibhola enethini yangakubo ngomzuzu ka-78, wabuyisa AmaZulu emdlalweni.
UJomo Gumede ushayele isipikili sokugcina ngegoli alishaye ngomzuzu ka-89, AmaZulu abaleka namaphuzu agcwele eDobsonville.
“Siphoxekile kakhulu, akufanele iqembu elifana neSwallows lidedele amagoli ngaleyandlela, ikakhulukazi emabholeni agotshiwe. Kufanele simake kangcono, ikakhulukazi uma sihamba phambili ekhaya. Kufanele siyilungise lento ejimini,” kuchaza uNyatama ekhuluma nabeSupersport TV.
UNyatama uphinde wabongela isitobha uKeagan Allan obedlala okokuqala kwiDSTV Premiership izolo. U-Allan ushaye amagoli amabili kulomdlalo.
“Udlale kahle u-Allan. Ushaye amagoli amabili emdlalweni wakhe wokuqala, ngiyambongela kakhulu. Kusadingeka anyuse amasokisi kwezinye izindawo. Ungumdlali ofunayo ukunyusa amasokisi,” kubeka uNyatama.
UNyatama akafunanga ukuphawula kakhulu ngomshophi wegoli lesibili elidedelwe unozinti
uMbanjwa.
“Kunzima kakhulu ukuphawula ngegoli elingenile. Kukhona uchwepheshe ocija onozinti eqenjini, kufanele sibheke futhi ukuze sizolungisa lelophutha. UThaka uyazimisela kakhulu, kwenzekile ukuthi ube namaphutha namuhla,” kusho uNyatama.