Umqeqeshi weKaizer Chiefs kusale kancane athi ‘asinayo imali yokumthenga’ izintatheli zimbuza ngomdlali weStellenbosch FC, uSibongiseni Mthethwa.

UMthethwa usematheni kulezi nsuku njengoba edlala elinenkosi phakathi esiswini, nangesizini edlule kuphele isizini kukhulunywa ngezinga lakhe.

Indlela adlala ngayo muva nje isidale ukuthi akhonjwe kumaqembu amakhulu akuleli, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

Ebuzwa ngalo mdlali namhlanje uNtseki uthe bangakuthanda ukuba nomdlali osezingeni lakhe.

“Okubalulekile njengamanje wukuthi uma abantu bebona umdlali omuhle usamataniswa neKaizer Chiefs. Sike sahlaziya abadlali esinabo, kunohlu lwabadlali ebesibafuna esingeke sibadalule kodwa sekuyinto ejwayelekile ukuthi uma sifuna umdlali sifuna osezingeni eliphezulu.

“Igama likaMthethwa nalo liyavele ke kubadlali okuthiwa bafunwa yiChiefs, baningi…singathanda ukumsayinisa noma inini uma sesingamthola, uma sesikwazi ukumsayinisa, ngoba uwumdlali omuhle.”

Ngokwemibiko iStellenbosch FC ifuna uR15 million eqenjini elifuna ukusayinisa uMthethwa.