Owayengumdlali weMamelodi Sundowns uThabo Nthethe uthi kumthusile ukuchithwa kukaRulani Mokwena ngoba ubesafisa anikezwe enye isizini.

URulani neDowns bavumelana ngokwehlukana ngesonto eledlule, kwasala obeyiphini lakhe uManqoba Mngqithi. IDowns iphinde yabuyisa uSteve Komphela ozoba yiphini kumqeqeshi ongakaqinisekiswa.

UNthethe uthi iDowns bekufanele imnikeze ithuba lokugcina uRulani ngoba ukhishwe kuma-semifinals eChampions League kumasizini amabili elandelana.

“Bengingakulindele ukuthi uRulani uzoshiya. Bengizitshela ukuthi uzothola enye isizini kodwa iSundowns ibekelana umgomo wokunqoba iChampions League. Iqembu lifuna ukunqoba iChampions League. 

“Downs ifuna ukukhonya e-Afrika. Yingakho bethenge abadlali abaningi ngemali enkulu, bekufanele abuye neChampions League.

“URulani uhlulekile, ukhishwe kuma-semifinals kabili kulandelana. Kumhlulile ukufinyelela kowamanqamu, abaphathi babone kungcono belande omunye umqeqeshi ngoba uRulani umoshe imali. Angiboni kukhona umqeqeshi ozokwazi ukuphula amarekhodi kaRulani. Ubengumuntu olungile, ubelidinga ithuba lesibili,” kuchaza uNthethe ekhuluma emcimbini wokwethulwa kweToyota Cup obubanjelwe eSandton ngoMsombuluko.

URulani usekhonjwa kwizinkunzi zaseMorocco iWydad Athletic Club okubikwa ukuthi imnunusela ngemali enkulu. 

UNthethe uthi iDowns izoba yiqembu elizoxosha abaqeqeshi uma behluleka ukunqoba iChampions League.

“Ngibona bezoba yiqembu elifuna iChampions League ngenkani. Umqeqeshi omusha uzonikezwa umbandela wokunqoba iChampions League. 

“Ngizwa kuthiwa usomaqhinga uFlemming Berg uyena oshaya umthetho eqenjini. Ngicabanga ukuthi ufuna ukukhanda iqembu elizobuya neChampions League. URulani nethimba lakhe benze umsebenzi omuhle, babhekane nesambane sokungafinyeleli kowamanqamu,” kubeka uNthethe.