Owayengumdlali weKaizer Chiefs uSiyabonga Nkosi uthi kuyinkolelo nje ukuthi ijezi unombolo 10 liyabasinda abadlali abalinikezwayo eqenjini.

UNkosi wayegqoka lelijezi esadlalela iChiefs kusukela ngo-2012 kuya ku-2015. Kulesi sikhathi lomdlali wasesiswini wawina isicoco se-Absa Premiership, Nedbank Cup neMTN 8.

Lenkakha esisebenza njengomhlaziyi webhola kwaSupersport TV ithi bonke abadlali asebegqoke lelijezi banendima abayidlalile eqenjini.

“Ngibona kuyinkulumo nje lokhu okushiwo abantu ngokuthi ijezi liyasinda kumdlali, noma ngabe beligqokwa ngubani ngaphambilini. Ngicabanga ukuthi akwenzeki umdlali asindwe yijezi. Ngithanda ukubheka izinto ngendlela eqondile. Ibhola ngilihlaziya ngendlela izinto ezenzeka ngayo enkundleni futhi ngibuka amaqiniso,” kubeka uNkosi ecashunwa abeKickOff.

Phakathi kwabadlali asebeke bagqoka lelijezi ngaphambilini kukhona uShoes Moshoeu, Stanton Fredericks, Mthokozisi Yende noKeagan Buchanan.

Iningi labadlali abagqoke leli n jezi lishaye udaka okukhona kubo uBuchanan owagcina ekhululiwe noSphelele Ntshangase olizwa ngendaba ijezi.

“Angicabangi ukuthi ijezi liyasinda, wonke umdlali unendlela yakhe. Ngicabanga ukuthi abadlali aseke bagqoka unombolo 10 kwiChiefs ngaphambilini bathathe izindlela ezihlukene, banikela kwimpumelelo yeqembu ngezindlela ezingafani. Uma sewushiyile  eqenjini, uyabheka indlela onikele ngayo. Yikhona okubaluleke kakhulu kumdlali ngoba lowo umsebenzi wakho. Uma ugqoke unombolo 10 kwiChiefs, wakwazi ukufeza amaphupho akho nokudlala ngokuzimisela. Yilokho okubalulekile,” kuchaza uNkosi.