Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi bekuphoqa ukuthi bakhiphe uNdabayithethwa Ndlondlo obesadlale imizuzu engu-20 ngoba ulimale kwavaleka iso ngesikhathi ezama ukuvika ibhola ebeliqonde ebusweni.
UNdlondlo ubengene esuka ebhentshini ngomzuzu ka-66, ezovala esikhaleni sikaSiphelo Baloni.
IPirates ilahle amaphuzu ibhekene naMaZulu eMoses Mabhida Stadium njengoba umdlalo uphele lingekho iqembu elifuna ukushaya igoli.
Abalandeli abaningi bakhombise ukuxakeka bebona uNdlondlo esekhishwa ngomzuzu ka-85. Ekhulum nabeSuperSport TV, uRiveiro uchazile ukuthi lomdlali ubengasekho esimeni sokuqhubeka enkundleni ngenxa yokuthinteka esweni.
“Ushaywe yibhola ebusweni, ubengasakwazi ukusebenzisa womabili amehlo. Ubefifiyela ngeso elilodwa enkundleni ngoba uthinteke esweni lwesokudla.
Odokotela bazamile ukumsiza ngoba akakhombisanga ukuba ngcono. Yingakho ngiqoke ukumbuyisa ebhentshini,” kusho uRiveiro.
IPirates inyukele emaphuzwini angu-8 ngemuva kwemidlalo eyisithupha. Yize iBucs inemidlalo emibili esandleni, isele ngamaphuzu angu-16 kwiMamelodi Sundowns ehleli esicongweni seDSTV Premiership.