Umqeqeshi ozomenyezelwa yiKaizer Chiefs maduze uNesraddine Nabi useveze isizathu esihamba phambili esimenze wakhetha Amakhosi.

Lo mqeqeshi ubhale incwadi evalelisa kwi-AS FAR izolo, waxolisa ngokushweba isicoco seligi neKing’s Cup.

Njengoba ekhethe ukujoyina iChiefs, kubikwa ukuthi ubenezesheli ngapha nangapha kodwa waqoka ukuza eNingizimu Afrika ngalezi zizathu:

“Ngikhethe iKaizer Chiefs ngoba kuyigugu ukusebenzela iqembu elisezingeni layo. NjengowaseTunisia ngibone kuyithuba lokuthi ngifuna nangolunye usikompilo, ebholeni nangaphandle, okuyinto engihlale ngifisa ukuyenza,” usho kanje ecashunywa yiGOAL.COM.

Uphinde waveza nokuthi kuyaqala ukuthi iqembu lizimisele ngaye ngalendlela.

UNabi uzohlangana neChiefs eTurkiye lapho ezozicija khona ngaphambi kwesizini ka-2024/25.

Phakathi kwezinguquko afuna ukuza nazo uNabi kubikwa ukuthi ufisa ukuletha umgadli ongalibheki ipali uFiston Mayele ohlukumeza inethi eGibhithe njengamanje. UMayele uke wasebenza noNabi kwiYoung Africans eTanzania ngaphambi kokuthi ajoyine iPyramids.