Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi usazokhetha ukuthi uyena muphi unozinti ozoqala imidlalo kule sizini ngoba akekho osekwenze indawo yakhe ukuqala imidlalo.

UNabi uveze lokhu engxoxweni nabezindaba ngoMsombuluko ngaphambi komdlalo wezakhe neRichards Bay FC ngoLwesithathu ePeter Mokaba Stadium.

Unozinti ofike kule sizini uFiacre Ntwari ubuye emdlalweni yeRwanda yokuhlungela i-AFCON elimele kodwa uqale ukuziqeqesha neqembu ngoMgqibelo. Ngaphandle kwakhe, kukhona noBrandon Peterson noBruce Bvuma.

“Phakathi konozinti abathathu, kusavulekile. Sidinga ukuthi kube nokuqhudelana phakathi kwabo. Sizoqoka ozodlala ngendlela abadlala ngayo uma benikezwa ithuba,” kuchza uNabi.

Lo mqeqeshi nokho selokhe efikile akayizwa eyokuqalisa abanye onozinti ngaphandle kukaNtwari emdlalweni yeligi, osekuphakamise imibuzo njengoba engavamile ukugcina icleansheet.

UNabi uphinde waveza nokuthi basebenzise ikhefu leFIFA ukubukisisisa abadlali abangakalitholi ithuba lokudlala kule sizini. Uthe umdlali akhathazekile ngaye uNkosingiphile Ngcobo othintekile izolo ngesikhathi eziqeqesha neqembu.

“Sizobheka isimo sakhe namhlanje, kodwa angiboni ukuthi uzobe ekulungele ukudlala.”