Umqeqeshi weKaizer Chiefs uhlaba ukudembesela akubone kubadlali bakhe ngemuva kokungenelwa yigoli lesibili koweBetway Premiership behlulwa yiMamelodi Sundowns eFNB Stadium, ngoMgqibelo.
Kuchwaze inkundla uRanga Chivaviro eshaya igoli lokuqala ngomzuzu ka-8, kodwa igwebu lehla kungakayiwa nasekhefini. ULucas Ribeiro no-Iqraam Rayners bashayele iDowns amagoli ayiweze ngo 2-1 kulomdlalo obugcwele phama abalandeli.
IChiefs ibihlulwa okokuqala kwiligi, okuwumphumela oyehlisele endaweni yesine kwiligi.
UNabi uthi abadlali behlise igiya sekungene igoli lesibili.
“Ngibone abadlali behlisa igiya ngesikhathi iSundowns ishaya igoli lesibili. Angikuthandanga lokho. Kungenzeka abadlali basabanjwe yidimoni langesizini edlule lokudembesela uma kungena igoli. Angifuni ukuphinde ngiyibone yenzeka lento,” kusho uNabi.
“Kungenzeka amaqhinga ami awakavundli kahle kubadlali. Ukudembesela kuyinto ejwayelekile kubadlali baleliqembu. Kungenzeka ngivuse ukuzithambisa kubadlali kodwa ngikholwa ukuthi kufanele urine ukhakhayi uma ungumdlali weKaizer Chiefs. Kufanele ucasuke uma umphumela ungemuhle,
“Kufanele ushintshe indlela yokucabanga uma uzimisele ngokuwina imidlalo. Ngibone abanye abadlali bephelelwa umdlandla sekungene igoli lesibili leSundowns. Amadimoni angesizini edlule abuyile sekungene igoli lesibili,” kusho uNabi ekhuluma esithangamini nabezindaba eFNB Stadium.
IGlamour Boys yenza esifanayo nasemdlalweni weligi ngoLwesithathu ishaya AmaZulu ngo 3-1. IChiefs yashaya amagoli amathathu esiwombeni sokuqala, yehlisa igiya sekubuywa ekhefini, nokwaholela ekutheni Usuthu luthole igoli lokubika.
UNabi uthi akajabule neze ngomphumela kodwa ibhola abalidlalile belingcono kakhulu uma eqhathanisa nangesizini edlule.
“Ukudembesela engikubone kubadlali angikufuni. Kuyenzeka ningenelwe yigoli kodwa akumele nizithambise ngalendlela okwenzeke ngayo. Okwamanje ngisesigabeni sokuqala sokulungisa izinto kodwa angikuthandi okwenziwe abadlali.
“Angijabule neze ngokuhlulwa. Angikuthandi ukuhlulwa emdlalweni. Indlela esidlale ngayo ingcono uma ngiqhathanisa nesizini edlule. Kodwa akwamukelekile ukuhlulwa uma udlalela iKaizer Chiefs, noma ungadlala kangcono ngesiwombe sesibili.
“Angikwamukeli ukuhlulwa, izinga leKaizer Chiefs akulona elokuhlulwa. Ngizokusho ukuthi umdlali ongenankinga nokuhlulwa akanandawo kuleliqembu,” kubeka uNabi.
ISundowns ikhuphukele esicongweni ngamaphuzu angu-9 emidlalweni emithathu.