Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi ujabule ngakubone kubadlali bakhe ababili beginqa iSuperSport United ngo 4-0 ePeter Mokaba Stadium koweCarling Black Label.

Amakhosi adlulele kuma-quarterfinal kulo mqhudelwano, azothola namahlanje kusihlwa ukuthi azobhekana naliphi iqembu.

Noma iChiefs iqale umdlalo ingaphansi kwengcindezi encane ebivela kwiSuperSport, ikore kuqala uGaston Sirino evalela igoli ngomzuzui ka-33.

Igoli lesibili livalelwe wuYusuf Maart, uRanga Chivaviro washaya elesithathu, elokugcina lavelelwa wu-Ashley Du Preez ngomzuzu wokugcina womdlalo.

Noma iqembu lakhe livalele amagoli amane, uNabi uncome unizinti wakhe uFiacre Ntwari, obeqala ukungalidedeli igoli emapalini eChiefs.

“Kuhle ukuthi siwini, kodwa kumele sincome uFiacre ngoba uvimbe amabhola okwenze sakwazi ukuba semdlalweni. Ezikhathi ezinzima, usihlengile. Kodwa ngiyalincoma neqembu lonke ngendlela elidlale ngayo,” kusho uNabi ngemuva komdlalo.

Lo mqeqeshi uqhube wancoma uSirino ngendlela adlale ngayo noma ebuya ekulimaleni.

“Kuyiqiniso ukuthi usisizile uSirino namhlanje, siyambonga ngalokho. Ubengekho ezingeni elifnele ngenxa yokubuya ekulimaleni, akaziqeqeshanga neqembu izinsuku ezimbalwa.

“Siyazi ukuthi wabuyela ezingeni lakhe sizabona okunye kuye. Nabadlali abancane basazofunda okuningi kuye.

“Angicabangi ukuthi sibe nomdlalo omuhle umdlalo wonke…kodwa uma kuwumdlalo we-cup okubalulekile ukunqoba.”

USirino uhambe noR100,000 ngemuva komdlalo njengoba evotelwe abalandeli ukuthi ahambe nendondo ye-man of the match.