Umgadli weGolden Arrows odabuka eZimbabwe, uKnox Mutizwa, uthi banesifiso sokunqoba okungenani umqhudelwano owodwa kule sizini.

UMutizwa uthi akuwona umgomo abawubekelwe yiqembu ukunqoba okuthile kule sizini kodwa uthi yinto evelayo uma bekhuluma njengabadlali be-Arrows eyagcina inkomishi ngeMTN 8 yangesizini ka-2009/2010, kusaqeqesha uManqoba Mngqithi.

“Kunomunye umqhudelwano kule sizini (Carling Cup). Ukukora amagoli nokusiza iqembu liwine okuthile kungangijabulisa kakhulu kule sizini. Akuyona into okuthiwa asiyizuze, kodwa siyakhuluma njengomndeni sigqugquzelane ukuthi kumele siyenze lento. Siyazi sifun ukuzuzani kule sizini,” kusho uMutizwa ngokweFarPost.

I-Arrows ithole abaxhasi abasha kule sizini, okungase kuyisize iqinise isikwati ngoJanuary uma kukhona la okushoda khona njengoba uDevine Lunga ebuyele kwiSundowns, noNtsako Makhubela wabuyela kwi-Orlando Pirates (kuvela ukuthi uzama indawo kwiMoroka Swallows).

Izolo Abafana Bes’thende bamemezele abadlali abasha okungi-Isima Watenga noNhlanhla Zwane.