Owayengumgadli waMaZulu FC neCape Town City FC, uSiphelele ‘Shaka’ Mthembu, usexwayise abadlali abasafufusa ebholeni lakuleli ukuthi bangathembeli kumuthi ngoba uyaliphazamisa ithalente.

UMthembu uzokhunjulwa abaningi njengomgadli owazakhela udumo ebangwa yi-Orlando Pirates neKaizer Chiefs. Lo mgadli osedlalela iPretoria Callies kwiMotsepe Foundation Championship usekhuze umkhuba wokusetshenziswa komuthi ebholeni lakuleli.

“Nakhu engifuna ukukusho kubadlali abasakhula; ithalente isipho osithola kuMdali. Yekani ukufaka imisebenzi yamasiko kwithalente. Lokho kuyayiphazamisa indlela ocabanga ngayo futhi kubulala nokuzethemba kwakho ngoba uthembela kumasiko nakumuntu wakho womuthi.

“Uma ukholwa kuMdali, uzethembe ngethalente lakho, kuhlula konke okunye ongakwenza. Ngisho ungathola inyanga eqine kanjani akukho okudlula ukuzinikela emsebenzini wakho, ukuzinikeza isikhathi esengeziwe uziqeqesha.”

UShaka, obekhuluma noMahlatse Mphahlele, uqhube wacebisa abadlali ngokuthi kumele bayeke ukungena kwipolitiki yamaqembu, bakhumbule ukuthi kungani bejoyine iqembu le bhola.

Uthe abadlali kumele bakhumbule futhi nokuqaphela izinto abazidlayo nezinto abazibukayo.

“Ukuzinikeza isikhathi sokubuka ibhola nakhu kuyasiza kakhulu ngoba kukhulisa indlela odlala ngayo.”