Istobha seKaizer Chiefs uGiven Msimango sesiveze ukuthi asililahlile ithemba ngokudlalela iBafana Bafana ngelinye ilanga.
UMsimango wabizwa kwi-prelimary squad yeBafana ngaphambi komdlalo neMorocco wokuhlungela i-AFCON kodwa wagcina engangenanga esikwatini sokugcina. Usephinde washaywa ngesithende esikwatini sakamuva esimenyezelwe wuHugo Broos namhlanje.
Ekhuluma nabezindaba ngamathuba akhe okudlalela iBafana ngelinye ilanga uthe akalilahlile ithemba.
“Ngiwumuntu ohlale enethemba. Ngiyazethemba ngengikwazi ukukwenza enkundleni nangaphandle, ngelinye ilanga ngiyovuna izithelo ngakho. Mhlawumbe ngeke kwenzeke manje noma kusasa, kodwa ngiyazi ngelinye ilanga kuzokwenzeka.
Isikwati sakamuva seBafana Bafana esizobhekana ne=Eswatini neCôte d’Ivoire.
Goalkeepers: Ronwen Williams (Mamelodi Sundowns), Veli Mothwa (AmaZulu), Ricardo Goss (SuperSport United)
Defenders: Nyiko Mobbie (Sekhukhune United), Khuliso Mudua, Aubrey Modiba, Grant Kekana, Mothobi Mvala (all Sundowns), Nkosinathi Sibisi, Paseka Mako (both Orlando Pirates), Siyanda Xulu (SuperSport)
Midfielders: Njabulo Blom (St Louis City, USA), Sphephelo SIthole (Belenenses, Portugal), Teboho Mokoena (Sundowns), Sibongiseni Mthethwa (Kaizer Chiefs)
Forwards: Monnapule Saleng, Zakhele Lepasa (both Pirates), Themba Zwane (Sundowns), Mihlali Mayambela (Aris Limassol, Cyprus), Lyle Foster (Burnley, England), Bongokuhle Hlongwane (Minnesota, USA), Percy Tau (Al Ahly, Egypt), Lebo Mothiba (Strasbourg, France)